Ngemuva kokuphothula iziqu zakhe zezeNhlalakahle, owayengumfundi wase-UKZN uMnu Mduduzi Daniso wabhekana nezikhathi ezinzima zokubona iqiniso elibuhlungu lokuntuleka kwemisebenzi. Nangaphezu kokuba phakathi kwabafundi abayisihlanu ababephume phambili emkhandlwini njengoba ayengumfundi kamatikuletsheni wase-Groutville High School, waphinde wahlabana nangendondo njengophume phambili esifundweni i-Dramatic arts esifundeni sase-Ilembe, uDaniso wakuthola kungumqansa ukuthola umsebenzi.
Ukuze akwazi ukuthi ondle umndeni wakhe, uDaniso waze wayosebenza njengoscabha ematekisini. Kodwa-ke, waba nombono omuhle nowavusa ibhizinisi lokufuya izinkukhu eliyimpumelelo enhla nesifundazwe iKwaZulu Natal . ‘Ngenxa yokwanda kwesidingo sezinkukhu eNingizimu Afrika ikakhulukazi e-KZN, ngibone igebe elihle emakethe lokukhiqiza izinkukhu, ikakhulukazi ukuhlinzeka ngezinkukhu lezi zesizulu,’ Echaza.

Konke kuqale ngesikhathi uDaniso engenela umncintiswano we-iLembe Chamber Entrepreneur. Lo mncintiswano uhlose ukuvumbulula ikhono losomabhizinisi abangabokuzimilela esifundeni iLembe. Waphuma isithathu kulo mncintiswano futhi usengumnikazi weNomalinge Poultry Farming sikhuluma nje, nokuyibhizinisi elincane kodwa elinamandla endaweni yaseNkobongo.
‘Ngiphuma emndenini ozamayo kanti futhi ngakhuliswa umzali oyedwa. Umama wayengakaze abe nomsebenzi wansukuzonke nomholela nyangazonke empilweni yakhe. Wayesebenza epulazini lomoba kodwa kwadingeka ayeke ngenxa yokuthi impilo yakhe yayibuthaka. Wabe esevula i-tuck shop kanye neshibhi (nokuyindawo edayisa utshwala) konke kwakuhamba kahle futhi wakwazi nokunakekela izidingo zezingane zakhe,’ kusho uDaniso. ‘Kodwa ibhizinisi lagcina lishabalele kanti manje usesebenza njengomsebenzi wasendlini. Umama wami ufana nomgogodla kimi, uyangeseka kakhulu futhi uhlezi engigqugquzela nokuthi ngenze konke okusemandleni nangaphezulu. Ngiyilokhu engiyikho namuhla ngenxa yakhe.’

Ngaleli bhizinisi lakhe elikhulayo, uhlose ukulungisa noma ukubhekana nendaba yokushoda kokudla nokudala amathuba emisebenzi emphakathini wangakubo, ukuthuthukiswa komnotho wendawo yangakubo kanye nokulwa nobubha.

UDaniso ukholelwa ukuthi ukuba usomabhizinisi bekuhlezi kuwubizo lwakhe. Uyakhumbula esadayisa amaswidi namabhisikidi esikoleni samabanga aphansi ukuze enze imali ethe xaxa.
Uphinde wakhuthaza nabanye abantu abasha ukuthi bangadikibali ngenxa yezimo ababhekene nazo, kodwa bamukele lezo zinselelo zabo njengento yokubakhuthaza ukuba baqhubekele phambili.
Ebuzwa ngezinhlelo zekusasa lebhizinisi lakhe, uDaniso uthe, ‘Okwamanje sihlinzeka abahlali bendawo yangakithi, kodwa sihlela ukuhlinzeka ngezinkukhu kanye namaqanda ezindaweni zokudlela, izitolo, izikole, amahhotela, izikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo, izibhedlela, amabhikawozi kanye nezitolo ezinkulu.’