College of Humanities

Intatheli Ephenyanyo Enesibindi u-Devi Sankaree Govender “akawabheki amaqola … uwadonsa ngamaqakala!”

Isihlabani seNtatheli yaseNingizimu Afrika neyayingumfundi waseKolishi LezesiNtu e-UKZN, u-Devi Sankaree Govender, usemshikashikeni wokudalula inkohlakalo eNingizimu Afrika yonkana. Isithunzi sakhe njengentatheli ephenyayo kamabonakude futhi nesihlabane ngenqwaba yezindondo, siqiniswe kakhulu yiminyaka engama-29 yokubika ngesibindi kanye nokungesabi, enza isiqiniseko sokuthi uhulumeni, izinkampani kanye nabanye bayazimela izenzo zabo.

Lolu qweqwe lwentatheli luhlome ngeziqu zalo ze-Bachelors kanye ne-Honours ezifundweni ze-English, Drama and Performance Studies, kanye ne-Masters yezifundo ze-Business Administration (MBA) yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, u-Govender uzakhele igama, ukwethenjwa, ukumela iqiniso kanye nokumela ubulungiswa. Ngaphambi nje kokuphothula iziqu zakhe ze-Bachelor of Arts, i-SABC Radio yamnika ithuba lokuba yintatheli ezimele

Wabe eseqala ukusingatha uhlelo lwezingxoxo oluvuthayo, i-Viewpoint, nowayelubambe kwi-Lotus FM, wabe esezuza ukuhlonishwa ngenxa yendlela yakhe yokubhekana nezindaba ezibucayi zikazwelonke. ‘Lolu bekungolunye lwezinhlelo esingathi beliwusibindi uyabulala sibindi uyaphilisa ngenxa yendlela yami yokungagwewesi uma ngihloma imibuzo nokuyikho okwashintsha isibalo sabalaleli esiteshini kwakhula inani ngohlobo olumangalisayo,’ kusho uGovender.

u-Nelson Mandela esezindlini zomsakazo i-Lotus FM kanye no-Devi Sankaree Govender

Uchithe iminyaka eyi-18 e-Carte Blanche esebenza ngendlela encomekayo, nokuwuhlelo lokwenziwa kophenyo lukamabonakude oseludlale isikhathi eside.

U-Govender wakuthakasela kakhulu ukubona uhlelo i-Carte Blanche ngesikhathi ebuka isiqephu salo sokuqala ngqa ngonyaka we-1988. Ngesikhathi ekhulela edolobheni elincane lasendaweni yaseMzinto esesifundazweni i-KZN, u-Govender nowayeneminyaka eyi-15 ubudala, wafunga wagomela ngesikhathi exoxela umndeni wakhe ukuthi ngelinye ilanga uyoba yingxenye yethimba le-Carte Blanche. Iphupho lakhe lagcina ngokufezeka nalapho ekugcineni eba yingxenye yalolu hlelo ngoMasingana wezi- 2002. Uma ebuka isikhathi sakhe sokusebenza e-Carte Blanche uthi lesi sikhathi usithatha njengesiyingqayizivele nabe senhlanhleni ngokusithola, ngoba kwamakhela igama khona nanokuthi nje wayebuza abantu abakhulu nabayizikhulu imibuzo enzima.

Eqhubeka nohambo lwakhe lobungqwele emkhakheni wakhe, u-Govender waba yingxenye yeziteshi zezezindaba (i-Etv kanye ne eNCA) ngowezi-2020, waphinda wethula i-Devi Show maphakathi nesikhathi esasisibi sobhubhane lokhuvethe esasikhungethe umhlaba wonke. Lolu hlelo seluzuze izigidi zababukeli njalo ngeviki kanti usephinde wahlabana ngendondo eyaziwa ngele-South African Film and Television Award for Best Factual Programme ngowezi-2021.

‘Nginekhono eliyisimanga lokujaha amaqola kanti ngenxa yalokho, mina nethimba lami sivulele ithuba lokuthi nisibone njalo ngeviki kumabonakude imizuzu engama-30 ngezikhathi zakusihlwa. Kulolu hlelo uzothukuthela, uphinde uzithole uhleka ngesikhathi esifanayo. Uzothola nokugqugquzeleka yize singanabukelisi lutho neze konke sikuveza obala,’ kusho u-Govender. Utholana phezulu nabakhwabanisi kanye namaqola bese kuthi ngaso leso sikhathi masekupheleni kwalolu hlelo, ube esechitha imizuzu embalwa yokugcina ngokuhlangana nohlobo lwabantu abayinqaba nabamangalisayo, abakhuthazayo baphinde bejabulise nabangabomsintsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.

Ngesikhathi edidiyela uhlelo lwake, u-Govender udlala umdlalo wakhe wokulinda kanti futhi uvame ukubonakala ezifikela ngqo emaqoleni engawaniki thuba ewadonsa ngamaqakala.

Ephawula kabanzi ngesikhathi sakhe esese-UKZN, uGovender uthe, ‘Inyuvesi inedumela elinesisekelo esiqinile sokufundisa okuseqophelweni eliphezulu. Abazali bami babenethezekile ngokuhlala kwami e-res – nokuyinto engisayibonga kakhulu ngoba yanginika ithuba lokungena ngicwile, ngizizwele ngokwami impilo yasenyuvesi.’

Ecabanga ngezikhathi zakhe ezinhle nezazimnandi kakhulu zasekhampasi, u-Govender uthe, ‘Ngonyaka wami wokuqala, ngangihlala e-Mabel Palmer Residence nokwakuyi-res yabesifazane. Ngicabanga izikhathi ezinhle ezihlanganisa ukuthatha amashifu ngenza umsebenzi wokubhalela abafundi ama-assignments abo ukuze ngenze imali eyengeziwe. Ngaphinde ngasebenza njengomsizi wabafundi wakuMtapo wolwazo wezincwadi owaziwa ngele-EG Malherbe iminyaka emithathu – ukusebenza eGumbini Lezincwadi Ezigodliwe kwakungeyona ishifu engangiyikhonzile – umsebenzi wakhona wawugqilaza futhi uthatha isikhathi eside! Okunye engikukhumbulayo kufaka phakathi ukuchitha inqwaba yamahora sijabule silungiselela ama-production ase-Elizabeth Sneddon, e-Square Space kanye nasemathiyetha avulekile (open air-theatres).’

U-Govender ungumama walowo ongumdlali wegalofu osemncane, nowenza unyaka wakhe wesithathu eqhuba ngomfundaze wegalofu le eNyuvesi yase-North Carolina.Indodana yakhe yenza unyaka wayo wokuqala, yenza iziqu zezomthetho i-BCom Law eNyuvesi yasePitoli. Njengamanje, uhlala nabasolwa base-SPCA (izinja) nokuyibo ababusa ikhaya lakhe!

Izifundo Ezimbalwa Zempilo ezibuya ku-Devi Sankaree Govender :

  • Ungathuswa yizinto ezincane
  • Isilinganiso (balance) sengqondo, umzimba kanye nomoya wakkho kuyinto ekhona nebalulekile – okunye wukuthi ngisho noma ngabe ingqondo yakho ikutshela ukuthi ususebenze kanzima, vele unyuse izinga! Usebenze kakhulu kunakuqala … yebo-ke umzimba wakho uyadinga ukuphumula.
  • Uma usukhulile, uzozisola ngaso sonke isikhathi osichithe ukhathazekile ngemibono yabanye abantu.