College of Humanities

EzeSifundongqondo kanye nezeNkolo: zibambisene ngokuletha ukwelapheka emphefumulweni emabandleni

Isikhungo se-Ujamaa esiyingxenye yeSikole Sezenkolo, IsezobuNzululwazi kanye NezaseMandulo sibambe izingxoxo kanye neBandla lezenkolo ukuze kubhekwane nezinkinga ezingokwengqondo njengento eyenzeka ngempela nethita umphakathi futhi baphinde baqwashise abefundisi abangaba semathubeni okuba nezinto ezibangela ukucindezeleka noma ukuba nezingcindezi.

Abefundisi abashadile basengozini enkulu kakhulu ngenxa yokugxila kwabo ngokujulile empilweni nasemsebenzini wenkosi. Inhlalakahle yalaba bashadikazi ivame ukunganakwa. Baphinde babhekane nokulimala kanye nokuphuka kwezinhliziyo okuyisimanga. Abantu abajwayelekile ebandleni nabo izinkinga zezengqondo kanye nokulimala emphefumulweni kuyabakhungatha. I-Psychology yona ibe isinika izinqubo eziqhuba ukukhuthaza ukuzilawula kwemizwa yomuntu ithuba, futhi kuphinde kugqugquzele ukwelapheka komphefumulo.

Inhlanganisela Yezifundo zezengqondo kanye nezifundo zezeNkolo uma usebenza ngomklamo wezenkolo inakho ukuba nolimi kanye namagama angamela izigameko ezibuhlungu nezivusa umunyu kumuntu. Ngasohlangothini olufanayo, isifundongqondo inikezela ngezinsiza zokubuyisa ithemba kanye nokuba namandla amasha nokwenza kube lula ukuthola izindlela zokungenelela nalapho ibandla likhulisa umphakathi owelaphelike emphefumulweni. Ukwesekwa kokunakekelwa kwabefundisi abelusa ibandla kona kunikezela ngosizo lokuvula inkundla lapho izinkinga zidingidwa khona, bese zixazululwe, ukuze umsebenzi wokuhola ibandla ube ngoqinisekisa ubizo.

UDkt Zama Dlamini ukhuluma ngokubaluleka kokwesekwa ngokwePsychosocial kumakhosikazi abefundisi
Abanye bamakhosikazi abefundisi abebedingida izingqinamba abahlangabezana nazo.