Umyalezo Okhishwe IPhini LeSekelashansela: IKolishi LezesiNtu
Solwazi Nhlanhla Mkhize
Umbiko WeKolishi noMyalezo WePhasika
Balingani abahloniphekile
Njengoba siphothula isonto lesibili kuvalwe yonke into ezweni lonke, isibalo sabatheleleke ngesifo se-Corona siyaqhubeka nokukhula ngesivinini esikhulu, kunesibalo esicishe sifinyelele kubantu abangama-20 asebeshonile esixhumene ngqo nobhubhane oludlangile nolubhubhisayo ngendlela engakaze ibonakale ezimpilweni zethu, i-COVID-19. Izibalomdanti zomhlaba wonke nazo zithusa ngokufanayo. Ngaphandle kwamadelamzimba—abasebenzi emikhakheni yezempilo, ezokuphepha, nabasebenza kwezokuhlinzekwa kwezidingo ezibalulekile, abavuka nsukuzonke beyosebenzela inhlalakahle yesizwe – konke okunye kubukeka kume nse. Amadolobha ethu namalokishi ajwayele ukuphithizela, anozinzo olungajwayelekile. Anokuthula, mhlawumbe, ngenxa yokuhlala kwabantu emakhaya abo. Amabuzi, izinkawu, nezinye izilwanyana kuyazicanasela ngenkululeko kuzama ukuthola okokuziphilisa okungatholakali uma kunalabo abakhonyayo kulezi zindawo (noma sicabanga kanjalo). Kunesimo esinomunyu. Impela lesi isikhathi sokucabanga ngokujulile ngempilo, kanye neqhaza lethu, ngokwesimo sokuhleleka kwezinto ngokwemvelo.
Indlela ubhubhane i-COVID-19 olubhubhisa ngayo, isikubeke obala ubuze bokuba odlayedwa nobuthakathaka bokuziphatha ngendlela yokuba ogombelakwesabo, ngokwenzenjalo isihlanganise imihlaba yokwezemfihlakalo neyesayensi, ekubungazeni ukuxhumana kwemvelo. Motho ubebelwa munwe! Umuntu ngumuntu ngabantu! Motho ke motho ka batho! Kgosi ke kgosi ka batho! I-COVID-19 ayigcini nje ngokufakazela umqondo wokuqonda okukodwa ngezindlela ezimbili (Mina -Kuwe; Wena-Kimi; Mina–Emhlabeni, Umhlaba-Kimi; Umphakathi-Kimi, Mina–Emphakathini) – okuhambelana nokulotshiwe ngobuhlakani bezokujula ngokwezikamoya – iphinde isiyalele ukuba sisebenze ngaleyondlela. Yize sikuqonda ukubaluleka kokuqhubeka nokungumongo womsebenzi weNyuvesi – esikusebenzelayo- kumele siphokophele ukwenza lokhu ngendlela elondoloza ukusebenza ngokubambisana nokwesekana. Lokhu sikwenze ngokuqonda ukuthi lolu bhubhane luthinta zonke izingxenye zezimpilo zethu: imizimba yethu, izingqondo zethu, imimoya yethu, ezomntho, ukubala nje ezimbalwa.
Niyazi ukuthi iNyuvesi ibisiphindesele abafundi emakhaya ngenkathi uMengameli ememezela ukuvalwa thaqa kwezwe lonke ngomhla zingama-27 kuNdasa (March) 2020. Kwaphuthunywa kwakhiwa iqoqo le-EMC eliholwa uSlz. Sandile Songca, oyiPhini Lesekelashansela KwezokuFunda NokuFundisa, ukuze lithuthukise izinhlelo zokufunda nokufundisa zesikhashana. Leli qoqo seliphakamise izindlela zokufunda nokufundisa, nokungahambisana nazo, uma ubhubhane i- COVID-19 lunganqobeki ngokushesha. Kuhlelwe izindlela zokufundisa nokuqeqesha kusetshenziswa i-inthanethi (zabasebenzi nabafundi, singonge uphiko lwethu lwezokufunda nokufundisa, lulekelelwa ongoti basezikoleni zonke zaseKolishi. Iqoqo elifanayo, eliholwa uSlz Deresh Ramjugernath, limatasa nokuthuthukisa uhlelo lwesikhashana lwezocwaningo. Uhlelo lwesikhashana lophiko lwethu lwezokwesekwa kwezokufunda seluyasebenza.
EKolishi, i-CMC ihlangana kabili ngesonto ukuze ibheke okumayelana nobhubhane i-COVID-19 nokulungela kwethu ukuqhubeka nomsebenzi wethu. Izinhlelo zesikhashana zeZikole nezimpiko zezokwesekwa kokufunda ziyasebenza. Inselelo enkulu ukutholakala kwe-data, njengoba ngokuphuthuma ngezokufunda kusetshenziswa i-inthanethi. Nginentokozo ukumemezela ukuthi iningi labasebenzi sebehlinzekwe ngama-data (okungaba ama-router noma ama-simcard) ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufunda nokufundisa akugcini kumile nse. Sibonga ubuholi babantu abambalwa ngalokhu: Dkt Zakwe, Slz. Msibi no-Hoskins, Mnu. Kishore Gobardan, noMnu. Abdullah Shariff, ukubala abambalwa. Ukusatshalaliswa kwalezi zinsiza kube yinselelo ngenxa yemigomo kavalangqi. Lezi zinsiza zama-data zizolawulwa emazingeni ezikole/ezimpiko.
Kusanezinselelo ezimbalwa ezikhona, enkulukazi okungeyokufinyelela kwabafundi kwi-inthanethi nokuphathwa kwezokugcinwa kwebanga phakathi kwabantu uma sebebuyile (ezindaweni zabo zokuhlala kanye nasemagunjini amakhulu okufundela). Singakulawula kanjani ukubuya kwabafundi? Nabasebenzi? Iqoqo Lezokufunda NokuFundisa nele- UKZN COVID-19 ayaqhubeka nokucabanga ngalezi zinselelo. Imibono yamukelekile.
Lolu bhubhane alugcini ngokusinika ithuba lokuthuthukisa izindlela zethu zokufunda nokufundisa kusethsenziswa i-inthanethi kulesi sikhathi sezobuchwepheshe, futhi lusinika namathuba okwenza ucwaningo. Ngiyathokoza ukunazisa ukuthi iKolishi lifake iziphakamiso zocwaningo koyiPhini Lesekelashansela KwezoCwaningo. Siphinde sasukumela phezulu ekumenyweni yi-NHSS (National Institute for the Humanities and Social Sciences) ukwethula umbono wezesiNtu nezesayensi yezenhlalo mayelana nalolu bhubhane esibhekene nalo. IDini yethu KwezoCwaningo Nezeziqu Eziphakeme uSlz. Pholoho Morojele, uxhumanisa le misebenzi elekelelwa abangabaHoli BezokuFunda bonke kanye noSlz. Jannie Smit. Kubalulekile ukuthi okwesintu okumayelana nalolu bhubhane okuzoqhubeka nokuba khona uma sekukudala lunqotshiwe kungasaleli emuva. Impela, umhlaba, iNyuvesi, nendlela yethu yokuphila nokuphilisana nabanye ngeke kuphinde kufane emva kwe-COVID-19. Yingakho kubalulekile ukuba iKolishi lezesiNtu, okungumphefumulo weNyuvezi, libambe iqhaza ngokufanele.
Ukuhlala wedwa, lokhu kuhlanganisa ukusebenzela ekhaya (lapho unakekela abantwana, abadala nokuhlala nomcabango wokutho omunye wamalungu omndeni angatheleleka ngesifo), kuyasiphoqa ukuba silule izinhlelo zokweseka. I-DVC yeKolishi LezesiNtu lizokhipha imibiko njalo ngesonto mayelana nesimo saseNyuvesi (elandelayo ngeke ibe mide kangaka!). IKolishi futhi lihlela ukusungula ikhasi lohlelo i-Facebook, ukuze abasebenzi babelane ngemibono, okukhathazayo, baphinde babe uhlelokuxhumana lokwesekana. Ukuxhumana okuphazanyiswe ubhubhane asikudlulisele ezinkundleni ze-intanethi. Nizokwaziswa maduzane mayelana nokwenzekayo ngalokhu. Zonke izimpiko ziyakhuthazwa ukubheka ezinye izinhlelo ezifanayo zokwesekana. Ngenkathi kumenyezelwa ubhubhane i- COVID-19 eNingizimu Afrika, ngase ngiqalile ukusungula i-Humanities College Leadership Forum (HCLF), enamalungu e-CMC, abaphathi bezokusebenza kwezikole, abaqondisi, othisha nabaholi bamaqoqo emikhakha. Le-Forum isigunyazwe ngokusemthethweni i-CMC, futhi ngilindele ukuba ibambe iqhaza elikhulu ekuhlinzekeni abasebenzi ngezinye izindlela zokweseka. UDkt. Siphelele Zulu, ED HR, usahlola ukuthumela imiyalezo yezenhlalakahle kubasebenzi bonke. Empeleni umyalezo wami obalulekile ukuthi SISONKE kulesi simo futhi sizoluthola UZINZO maduze.
Okokugcina, sesibe matasa ngobhubhane i-COVID-19 sesicisha salibala nokuthi inkonzo ye-Lent (Inkathi yokuZila) eyaqala ngomhla zingama-26 February, ephela namuhla, ngoLwesine 9 kuMbasa (April). Kusasa (10 kuMbasa (April) 2020) uLwesihlanu lwePhasika. Ngifisa ukuthatha leli thuba ngifisele abasebenzi bonke, ikakhulukazi labo abagubha lolu suku lwezenkolo, impelasonto yePhasika enhle. Engathi imithandazo yangalenkathi yePhasika ingasheshisa ukuphela kobhubhane lwe COVID-19.
Izilokotho ezinhle kubo bonke abasebenzi. Ngiyanibonga nonke ngeqhaza lenu. Nihlale niphephile: nina nemindeni yenu kanye nabathandiweyo benu. Sonke sihlale sikhumbula ukuthi : UMUNTU NGUMUNTU NGABANTU.
Slz Nhlanhla ‘Bacwali’ Mkhize
IPhini LeSekelashansela : IKolishi LezesiNtu
INyuvesi YakwaZulu-Natali