Lesaziso esabantu abakwazi ukukhuluma isiZulu/isiXhosa/isiSwati/isiNdebele kuphela!

BASIC ISIZULU LANGUAGE STUDIES-ZULN101

ISAZISO ESIBALULEKILE

Sanibona Bafundi

Imojuli eyazizwa ngokuthi iBasic IsiZulu Language Studies (ZULN101) yenziwa abantu abangakwazi ukukhuluma nokubhala isiZulu. Uma ufuna ukufunda isiZulu kumele ubhalisele imojuli ebizwa ngokuthi Introduction to isiZulu Studies (ZULM101) eyenziwa umuntu okhuluma isiZulu, isiXhosa kanye nesiSwati. Inyuvesi ayimphoqi umuntu okwazi ukukhuluma isiZulu, isiXhosa kanye nesiSwati ukuba enze isiZulu.

Abafundi bangabhalisela imojuli yolimini lwebele uma benza unyaka wokuqala (Introduction to isiZulu Studies-ZULM101 & ZULM102) uma befuna ukumeja ngesiZulu. Kanti-ke bangathatha i-Academic Writing (ZULM105) noma Introduction to KiSwahili (KISW101) uma bethanda ukuba nemojuli yolimi lwase-Afrika. Uma udinga imojuli yonyaka wesibili ungathatha iHeritage and Culture (ZULM203)

Kwabase-Westville Campus bangenza i-Academic Writing in isiZulu (ZULM105) kuphela.

NB: Uma ungasenzanga isiZulu/isiXhosa/isiSwati ebangeni le-12 kufanele wenze inhlolokhono ezoqinisekisa ukuthi uyakwazi ukukhuluma olunye lwalezi zilimi zesiNguni. Emuva kwalokho ube usugcwalisa ifomu ezokukhulula ekwenzeni isiZulu ukuze uhambisane nomthetho wasenyuvesi othi wonke umfundi kumele enze isiZulu. Leli fomu libaluleke kakhulu uma sewenza unyaka wokugcina.

Uma unemibuzo ungaxhumana nalaba abalandelayo:

Ms S Ndaba; ndabahs@ukzn.ac.za

Ms G Mkhize; mkhizeg@ukzn.ac.za

Siyabonga

Related Posts